6.8.18

3. Igama likaNkulunkulu lingashintsha, kodwa umongo Wakhe awusoze washintsha

uNkulunkulu esimweni somuntu,UNkulunkulu uSomandla,











Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuphatha oluyiminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze aguquka, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi neze? Uma umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquki, ingabe ubengahola isintu yonke indlela kuze kube namuhla? Uma uNkulunkulu engaguquki, kungani pho esenze umsebenzi wezinkathi ezimbili? Umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili, okusho ukuthi isimo Sakhe siya ngokuya sembuleka kumuntu, futhi okwembulwayo yisimo Sakhe semvelo. Ekuqaleni, isimo sikaNkulunkulu sasifihliwe kumuntu, akazange asiveze obala isimo Sakhe kumuntu, futhi umuntu ngokusobala wayengenalo ulwazi Ngaye. Ngenxa yalokhu, usebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze aveze kancane kancane isimo Sakhe kumuntu, kodwa ukusebenza ngale ndlela akusho ukuthi isimo Sakhe siyaguquka ezinkathini zonke. Akukhona ukuthi isimo sikaNkulunkulu sihlale siguquka ngenxa yokuthi intando Yakhe ihlala iguquka. Kunalokho, kuwukuthi, ngenxa yokuthi izinkathi zomsebenzi Wakhe zehlukene, uNkulunkulu uthatha isimo Sakhe semvelo sonke bese esambula kancane kancane kumuntu, ukuze umuntu akwazi ukumazi. Kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi ekuqaleni uNkulunkulu akanaso isimo esithile noma ukuthi isimo Sakhe besilokhu siguquka kancane kancane ngokuguquka kwezinkathi—ukuqonda okunjalo kungaba yiphutha. UNkulunkulu uyaziveza kumuntu, isimo Sakhe, lokho ayikho ngempela, ngokudlula kwezinkathi. Umsebenzi wenkathi eyodwa awukwazi ukusiveza sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, amazwi athi, “UNkulunkulu uhlala emusha futhi akasoze aguga” abhekise emsebenzini Wakhe, futhi amazwi athi “UNkulunkulu akaguquki” abhekise kulokho uNkulunkulu ngokwemvelo anakho nalokho ayikho. Kungakhathaleki ukuthi kunjani, ngeke ukwazi ukwenza ukuthi umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ume endaweni eyodwa, noma uwuveze ngamagama afile. Bunjalo ubuwula bomuntu. UNkulunkulu akalula njengoba umuntu ecabanga, futhi umsebenzi Wakhe ngeke ume kunoma iyiphi inkathi eyodwa. Igama elithi Jehova ngokwesibonelo, angeke lihlale limela igama likaNkulunkulu; uNkulunkulu angawenza umsebenzi Wakhe ngaphansi kwegama likaJesu. Lokhu kuwuphawu lokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubeka uya phambili.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu, futhi akasoze aba nguSathane; uSathane uyohlala enguSathane, akasoze aba nguNkulunkulu. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga. Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu uthatha igama elisha, enze umsebenzi omusha futhi avumele ukuba izidalwa Zakhe zibone intando Yakhe entsha nesimo esisha. Uma, enkathini entsha, abantu behluleka ukubona ukuvezwa kwesimo esisha sikaNkulunkulu, ingabe abasoze yini bambethela esiphambanweni unomphela? Futhi ngokwenza kanjalo, bayobe benganqumi yini uNkulunkulu?
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke.
kwesithi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana