9.3.18

Gospel Movie "UNKULUNKULU AKUBUSISE" Worship God and Receive His Protection (Zulu Dubbed)



singeniso

UNkulunkulu Akubusise
Abantu bajwayele ukuthi, "Izingozi ziyenzeka, impilo ngeke uyazi."
Namhlanje, ezomnotho nezobuchwepheshe kuthuthuka ngesivinini esikhulu,
amazinga okuphila athuthuke kancane kancane,
kodwa sesithole ukuthi izibhicongo emhlabeni@jikelele zinyuka usuku nosuku.
Uma sivula amaphephandaba, sivula i-TV, noma sivula iwebusayithi,
ngokuvamisile sizobona imibiko
yezinhlobo zonke zezibhicongo zemvelo nezidalwa ngabantu,
njengokuzamazama komhlaba, itsunami, izikhukhula, izomiso,
imililo, izingozi zasemayini, ukuphahlazeka kwamabhanoyi, kanye nokunye.
Izibhicongo sezijwayele ukwenzeka,@nobukhulu bezibhicongo buyakhula kakhulu.
Izindawo ezihlaselwe isibhicongo zigcwele@ukuhlupheka, ukopha, ukulimala nokufa.
Amabhadi alokhu enzeka endaweni esizungezile aveza@ubufushane nobuntekenteke bempilo.
Lokhu kwenza sibone ukuthi abantu abakwazi ukubona
uhlobo lwesibhicongo esingabehlela,
futhi ngaphezu kwalokho nendlela yokubhekana nezigemegeme ezizayo.
Ngakho-ke yini esingayenza ukushintsha isiphetho sembubhiso ephelele?
Ngemva kokubuka le filimu emfishane, sithemba ukuthi uzoyithola impendulo
futhi uthole kuphela indlela engakusiza uthole ukuvikelwa uNkulunkulu
futhi usinde ezibhicongweni.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana