Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe

6.12.18

3. Ngenxa Yokwenza Umsebenzi Wami, Mina Nganikezwa Insindiso Enkulu kaNkulunkulu

UHong Wei,EBeijing
Ncwaba 15,2012
KuNtulikazi 21, 2012, imvula enamandla yaqala ukuna. Ngalolo suku kwenzeka nje ukuthi nganginomsebenzi okwakufanele ngiwenze, ngakho-ke emva komhlangano wethu ngabona ukuthi imvula yase yehlile, ngashesha ngaya ekhaya ngebhayisikili lami. Kungenkathi kuphela lapho ngingena emgwaqweni omkhulu ngathola ukuthi amanzi ayedilika ngokushesha entabeni njengempophoma, futhi umgwaqo wawembozwe amanzi emvula agelezayo ngangokuthi ubuso bomgwaqo bakungasakwazi ukubonakala kahle hle ngokucacile. 

3.12.18

43. Siyini isizathu esenza inkolo yomphakathi imelane ngokuxhamazela futhi izame ukulahla umsebenzi kaNkulunkulu omusha enkathini ngayinye? Uyini umsuka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Isizathu sokuthi umuntu amelane noNkulunkulu siqhamuka, ngasohlangothini olulodwa, esimweni somuntu esonakele, futhi ngakolunye uhlangothi, ekungabini nolwazi ngoNkulunkulu nokweswela ukuqonda imigomo yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando yakhe ngabantu. 

19.11.18

1. Yini iqiniso? Yini ulwazi lweBhayibheli nemfundiso?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu.”“Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, … egcwele umusa neqiniso”(Johane 1:1, 4).

17.10.18

Ukuhamba Endleleni Ekhanyayo Yempilo

uXieli, eMelika 
Ngangivame ukuba ngumuntu owayelandela izinto zezwe, ngangifuna ukuzinikela empilweni yokuzijabulisa, futhi engangikukhathalela nje kwakuyinjabulo yenyama. Ngangivame ukuhamba nabangani bami siye e-KTV ubusuku bonke, ngangithokozela ama-joyride phakathi nobusuku, ngangiya kodoba olwandle, futhi ngihambe yonke indawo ngifuna ukudla kweqophelo eliphezulu. 

13.10.18

Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)

Imvelo yomuntu yehluke ngokuphelele ebuntwini Bami; lokhu kungenxa yokuthi imvelo yomuntu eyonakele ivela kuSathane ngokuphelele nemvelo yomuntu yenziwe futhi yonakaliswa uSathane. Okuwukuthi, umuntu uphila ngaphansi kwethonya elibi kanye nobubi bayo. Umuntu akakhuleli ezweni leqiniso noma endaweni engcwele, futhi ngaphezu kwalokho akaphili ekukhanyeni. 

Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)

Umsebenzi Wami usuzophela. Iminyaka eminingi esiyichithe sindawonye isibe inkumbulo engabekezeleleki yenkathi edlule. Ngiye ngaphindaphinda amazwi Ami futhi angiyekanga ukuthuthuka emsebenzini Wami omusha. Empeleni, iseluleko Sami siyisakhi esidingekayo engxenyeni ngayinye yomsebenzi engiwenzayo. !--more-->Ngaphandle kweseluleko Sami, nonke benizonhlanhlatha futhi nilahlekelwe kakhulu. Umsebenzi Wami usuzophela futhi ufinyelele esiphethweni; ngisafuna ukwenza umsebenzi wokunikeza iseluleko, okuwukuthi, nginikeze amazwi eseluleko sokuba nisilalele. Ngethemba ukuthi ngeke nichithe imizamo Yami yokuzikhadla futhi ngaphezu kwalokho, nizoqonda konke ukunakekela nokucabanga engikwenzile, namukele amazwi Ami njengesisekelo sendlela yokuziphatha njengomuntu. Noma ngabe nifuna ukulalela amazwi noma cha, noma ngabe nijabulela ukwamukela amazwi noma ukuwamukela ngokungakhululeki, kufanele niwathathe njengabalulekile. Ngaphandle kwalokho, izimo zenu zokuthatha kalula izinto kanye nokungabi nandaba nokuziphatha kuzongenza Ngingajabuli ngempela futhi, ngaphezu kwalokho, Kuzongicasula. Nginethemba elikhulu lokuthi nonke nizowafunda ngokuwaphindelela amazwi Ami—izikhathi eziyizinkulungwane—futhi nize niwazi ngenhliziyo. Kungaleyo ndlela kuphela ningeke ningakwenzi lokho engikulindele kini. Nokho, akekho noyedwa phakathi kwenu ophila ngale ndlela manje. Ngokuphambene, nonke nicwile empilweni yokuzitika ngokudla nokuphuza, futhi akekho phakathi kwenu osebenzisa amazwi Ami ukuze nicebise izinhliziyo kanye nemiphefumulo yenu. Yilesi isizathu esenze Ngaphetha ngokuthi isimo sangempela sesintu yiso esiyohlezi Singikhaphela futhi akekho noyedwa ongathembeka ngokuphelele emazwini Ami.

“Umuntu wonakaliswe uSathane kangangokuba akasenakho ukubonakala komuntu.” Lawa mazwi manje asethole ukuqashelwa okuthile abantu abaningi kakhulu. Kuthiwa ngenxa yokuthi “ukuqashelwa” lapha kumane kuwukwamukela okungasho lutho kunokuqhathaniswa nolwazi lweqiniso. Njengoba kungekho noyedwa phakathi kwenu ongahlola ngokunembile noma niziphenyisise ngokuphelele, ngaso sonke isikhathi anikholwa ngokuphelele, ninokungabaza okungaphelele amazwi Ami. Kodwa ngalesi sikhathi ngisebenzisa amaqiniso ukuchaza inkinga enkulu kakhulu eninayo, futhi leyo “eyokukhaphela.” Nonke nilijwayele igama elithi “ukukhaphela” ngenxa yokuthi ngaphambili abantu abaningi baye benza okuthile ukuze bakhaphele abanye, njengokuthi indoda ikhaphele umkayo, umfazi akhaphele indoda yakhe, indodana ikhaphele uyise, indodakazi ikhaphele unina, isigqila sikhaphele inkosi yaso, umngane akhaphele umngane wakhe, isihlobo sikhaphele isihlobo saso, abathengisi bakhaphele abathengi, njalonjalo. Zonke lezi zibonelo ziqukethe umongo wokukhaphela. Kafushane, ukukhaphela uhlobo lokuziphatha lapho othile ephula isithembiso, ephula izimiso zokuziphatha, noma enza ngokuphambene nezimiso zokuziphatha kwabantu, futhi okubonisa ukungabi nabuntu. Njengomuntu, kungakhathaliseki ukuthi uyakhumbula ukuthi uke wenza okuthile kokukhaphela omunye noma uma kakade uye wakhaphela abanye kaningi, empeleni, uma nazalwa kulomhlaba khona-ke niye nenza okuthile kokukhaphela iqiniso. Uma ukwazi ukukhaphela abazali bakho noma abangane khona-ke ungakwazi nokukhaphela abanye, futhi ngaphezu kwalokho ungakwazi nokukhaphela Mina futhi wenze izinto engizizondayo. Ngamanye amazwi, ukukhaphela akusona nje isimo sokuziphatha okubi, kodwa yinto eshayisana neqiniso. Lolu hlobo lwento yiyo kanye engumthombo wokuthi isintu simelane Nami futhi singangilaleli. Yingakho ngiye ngakufingqa ngalamazwi alandelayo: Ukukhaphela kuyimvelo yomuntu. Le mvelo iyisitha esingokwemvelo somuntu ngamunye ofana Nami.
Ukuziphatha kokungangilaleli Mina ngempela kuwukukhaphela. Ukuziphatha okungethembeki Kimi kuwukukhaphela. Ukungikhohlisa nokusebenzisa amanga ukuze ngiphambeke kuwukukhaphela. Ukuba nemibono eminingi nokuyisakaza yonke indawo kuwukukhaphela. Ukungavikeli ubufakazi Bami nalokho engikuthandayo kuwukukhaphela. Ukuzenzisa lapho umuntu engishiyile enhliziyweni yakhe kuwukukhohlisa. Lokhu kuziphatha konke kuyizinto ngaso sonke isikhathi eningakwazi ukuzenza, futhi zivamile phakathi kwenu. Akekho kinina ongacabanga ukuthi lokho kuyinkinga, kodwa Mina angicabangi kanjalo. Angeke ngibheke ukungikhaphela njengendaba engasho lutho, futhi ngaphezu kwalokho ngeke ngikushalazelele. Manje ngisebenza phakathi kwenu kodwa selokhu anishintshile. Uma ngelinye ilanga kungekho ozoninakekela futhi anibheke, ingabe nonke ngeke yini nibe amakhosi entaba?[a] Ngaleso sikhathi, ubani ozohlanza umonakalo ngemva kwenu lapho nenza inhlekelele enkulu? Kungenzeka nicabange ukuthi ezinye izenzo zokukhaphela ziyinto nje yangaleso sikhathi kunokuba kube ukuziphatha okuphikelelayo, futhi akufanele kubhekwe kabi kangako, kunenze ningahlonishwa. Uma nikukholelwa ngempela lokho, ngakhona-ke nintula ukuqonda. Lapho umuntu ecabanga ngokwengeziwe ngale ndlela, uba ngumfuziselo wokuhlubuka ngokwengeziwe. Imvelo yomuntu iwukuphila kwakhe, iyisimiso athembela kuso ukuze aphile, futhi akakwazi ukusiguqula. Kungokufanayo ke nangokukhaphela—uma ungenza okuthile ukuze ukhaphela isihlobo noma umngane, lokhu kubonisa ukuthi kuyingxenye yokuphila kwakho futhi kuyinto owazalwa nayo. Lokhu kuyinto okungekho muntu ongayiphika. Ngokwesibonelo, uma umuntu ethanda ukweba izinto zabanye abantu, khona-ke lokhu “kuthanda ukweba” kuyingxenye yokuphila kwakhe. Ukuthi nje ngezinye izikhathi uyeba, futhi ngezinye izikhathi akebi. Kungakhathaliseki ukuthi uyeba noma cha, lokho akubonisi ukuthi ukweba kwakhe kuwuhlobo nje lokuziphatha. Kunalokho, kubonisa ukuthi ukweba kuyingxenye yokuphila kwakhe, lokhu, kuyimvelo yakhe. Abanye abantu bazobuza: Ngoba kuyimvelo yakhe, khona-ke kungani ngezinye izikhathi aye abone izinto ezinhle kodwa angazebi? Impendulo ilula kakhulu. Kunezizathu eziningi zokuthi kungani angazebi, njengalapho into inkulu kakhulu khona ukuba ayihlwithe ngaphansi kwamehlo aqaphile, noma asikho isikhathi esikahle sokuba enze kanjalo, noma into ibiza kakhulu, iqashwe ngeso lokhozi, noma akanasithakazelo esingako kuleyo nto enhle, noma akakacabangi ngaleso sikhathi ukukusebenzisa, nokunye. Zonke lezi zizathu zingenzeka. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi yini, noma uyeba noma cha, lokhu ngeke kubonise ukuthi lo mqondo umane uvele ngaphakathi kuye ngaleso sikhashana. Ngokuphambeneyo, lokhu kuyingxenye yemvelo yabo okunzima ukuyenza kabusha. Umuntu onjalo akaneliswa nje ukweba kanye, kodwa imicabango yokuthatha izinto zabantu zibe ngezakhe iyavuseleleka noma nini lapho ebona into enhle noma isimo esikahle. Yingakho ngithi lo mqondo awubi khona ngaso sonke isikhathi, kodwa usemvelweni yakhe lo muntu.
Noma ubani angasebenzisa amazwi akhe kanye nezenzo zakhe ukuze kubonise ubunjalo bakhe. Lobu bunjalo bakhe empeleni buyimvelo yakhe. Uma ungumuntu okhuluma ngokugwegwesa kakhulu, khona-ke unemvelo engaqondile. Uma imvelo yakho inobuqili ngempela, khona-ke indlela owenza ngayo izinto iba nobuqili nobugebengu obukhulu, futhi ubakhohlisa kalula abantu. Uma imvelo yakho iyimbi kakhulu, kungenzeka amazwi akho azwakale emnandi ukuwalalela, kodwa izenzo zakho ngeke zifihle ububi bakho. Uma imvelo yakho inokuvilapha okukhulu, khona-ke konke okushoyo kuyoba okuhloselwe ukugwema ukusolwa nomthwalo wobuvila nangokuzihudula kwakho, futhi izenzo zakho ziyoba ngezonyawo lonwabu nezokuzihudula, futhi ube kahle kakhulu ekufihleni iqiniso. Uma imvelo yakho inozwela kakhulu, khona-ke amazwi akho azoba nokucabangela futhi izenzo zakho ziyovumelana kakhulu neqiniso. Uma imvelo yakho inokwethembeka okukhulu, khona-ke amazwi akho kufanele abe qotho futhi indlela owenza ngayo izinto kufanele ibe nokuthobeka, ngaphandle kokwenza inkosi yakho ukuba ingakwethembi. Uma imvelo yakho inenkanuko enkulu noma ukuhahela imali, khona-ke inhliziyo yakho iyovama ukugcwaliswa yilezi zinto futhi uyokwenza izinto eziphambukile nezinokungcola ungaqondile okuyokwenza kube nzima ngabantu ukuba bazikhohle futhi ngaphezu kwalokho bayonengwa yizo. Njengoba nje ngishilo, uma unemvelo yokukhaphela khona-ke kuyoba nzima ngawe ukuzikhulula kuyo. Ningathembeli enhlanhleni yokuthi aninayo imvelo yokukhaphela ngenxa nje yokuthi anizange none muntu. Uma kuyilokho enikucabangayo khona-ke ninokuvukela okukhulu. Amazwi engiwakhulumile njalo aqondiswe kubo bonke abantu, hhayi nje kumuntu oyedwa noma uhlobo lomuntu. Ngenxa nje yokuthi awukangikhapheli Mina entweni eyodwa lokhu akusho ukuthi ngeke ungikhaphele ezintweni zonke. Abanye abantu balahlekelwa ukuqiniseka ekufuneni iqiniso ngesikhathi seziphazamiso emshadweni wabo. Abanye abantu balahlekelwa yisibopho sabo sokwethembeka Kimi ngesikhathi sokuwohloka komndeni. Abanye abantu bayangishiya ngenxa yokuthi bafuna injabulo nesasasa lesikhashana. Abanye abantu bangamane bangene esihosheni esinyama kunokuba baphile ekukhanyeni futhi bathole injabulo yokusebenza koMoya oNgcwele. Abanye abantu abanaki isiqondiso sabangane ngenxa yokuthi bafuna ukwanelisa ukuhahela kwabo umcebo, futhi namanje ngeke bawavume amaphutha abo bese beguquka. Abanye abantu baphila isikhashana kuphela ngaphansi kwegama Lami ukuze bathole isivikelo Sami, ngesikhathi abanye bezinikela kancane kuphela ngenxa yokuthi babambelela ekuphileni nasekwesabeni ukufa. Ingabe lokhu kanye nokunye ukuziphatha kabi futhi ngaphezu kwalokho izenzo ezingahlonipheki ukuziphatha nje kwabantu okukade bangikhaphela ekujuleni kwezinhliziyo zabo? Yiqiniso, ngiyazi ukuthi ukukhashelwa abantu kwakungahleliwe phambilini, kodwa ukubonakaliswa okwengokwemvelo kwemvelo yabo. Akekho umuntu ofuna ukungikhaphela, futhi ngaphezu kwalokho akekho ojabulayo ngenxa ngokwenza okuthile ukuze angikhaphele. Ngokuphambeneyo, bayathuthumela ngokwesaba, akunjalo? Ngakho ingabe nicabanga ngokuthi ningakukhulula kanjani lokhukukhaphela, nokuthi ningasishintsha kanjani isimo samanje?
Imibhalo yaphansi:
a. Isisho sesiShayina, incazelo engokoqobo ithi “abaphangi abahlala ezintabeni futhi bazibiza ngokuthi bangamakhosi.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla 

8.9.18

South African Gospel Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"



South African Gospel Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"
I
Ngezwi likaNkulunkulu elingokoqobo,
ubuthakathaka nokuhlubuka komuntu kuyahlulelwa futhi kwembulwe.
Bese umuntu ethola lokhu akudingayo.
Uyabona ukuthi uNkulunkulu usefikile kulo mhlaba wabantu.
Umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo uhlose ukusindisa wonke umuntu ethonyeni likaSathane,
abahlenge ekungcoleni,
esimweni sabo esonakaliswe nguSathane.
Ukuzuzwa nguNkulunkulu kusho ukulandela isibonelo Sakhe njemgomfuziselo ophelele womuntu.
Landela uNkulunkulu ongokoqobo,
phila impilo yobuntu ejwayelekile,
gcina amazwi nemiyalelo Yakhe,
ugcine ngokuphelele lokho akushoyo,
futhi athole lokho akucelayo,
lapho-ke uyozuzwa nguNkulunkulu.

2.9.18

32. Esikhathini esedlule, ngimelane futhi ngenqaba umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla kakhulu futhi ngisho izinto ezihlambalazayo; ingabe uNkulunkulu usazongisindisa?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Labo abajezisiwe ngeke ngempela basindiswe, kuthi labo abasindisiwe kuyoba yilabo abayozuza insindiso kaNkulunkulu, bonke labo abangasindiswa bayosindiswa ngokuphelele, akekho nomunye oyolahlwa, ngoba inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ukusindisa abantu. 

24.8.18

South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"


South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"
I
Ingqikithi kaKristu inqunywa ngumsebenzi namazwi akhe
Ngenhliziyo eneqiniso, uqeda lokho akunikiwe,
ukhonza uNkulunkulu osezulwini futhi afune intando kaYise.

17.8.18

3. Yini umehluko phakathi komsebeni kaNkulunkulu esenyameni kanye nomsebenzi kaMoya?

uNkulunkulu esimweni somuntu,uNkulunkulu ongokoqobo,UNkulunkulu uSomandla,Iqiniso











Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Wayesethi, Ngiyanicela, ngikhombise inkazimulo yakho. Wathi, … Awunakubona ubuso bami: ngokuba akukho muntu ongangibona, futhi aphile” (Eksodusi 33:18-20).
“Futhi iNKOSI yehlela phezu kwentaba iSinayi, esiqongweni sentaba: futhi iNKOSI yambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; wase uMose ekhuphuka-ke. Futhi iNKOSI yathi kuMose, Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone iNKOSI, bese kufa abaningi kubo” (Eksodusi 19:20-21).

16.8.18

Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu

Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu.

31.7.18

8. Kwangicacela Ukuthi Bengilokhu Ngihamba Indlela Yabafarisi

more
UWuxin    Wasedolobheni laseTaiyuan, esiFundazweni saseShanxi 
Into esasilokhu siyixoxa ekuhlanganyeleni kwangaphambilini yizindlela ezahanjwa nguPetru noPawulu. Kuthiwa uPetru wayenake ukuzazi yena noNkulunkulu, futhi wayengumuntu uNkulunkulu ayethokoza ngaye, ngenkathi uPawulu yena wayenaka umsebenzi wakhe kuphela, isithunzi sakhe nokuhlonishwa kwakhe emphakathini, futhi-ke wayengumuntu uNkulunkulu ayemnyanya. <br /

29.7.18

2. Ingabe uKristu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu noma Yena Uqobo unguNkulunkulu?

ukubuya kweNkosi uJesu okwesibili,uKristu
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sibonise uYihlo, futhi kusanele. UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka ngikanye nani, kodwa awukangazi, Filiphu? ongibonile mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sibonise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami: kodwa uBaba ohlezi kimi, wenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi: uma kungenjalo kholwani yimi ngenxa yemisebenzi (UJohane 14:8-11).</span

28.7.18

2. Ingabe umuntu angazi kanjani isimo sikaNkulunkulu nomongo?

izinsuku zokugcina,Amazwi kaNkulunkulu,Iqiniso,Indlela


















       Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu. Kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. 

25.7.18

3. IBhayibheli laqokelelwa ngumuntu, hhayi uNkulunkulu; iBhayibheli alikwazi ukumela uNkulunkulu.

Izikhombo Zamavesi Ebhayibheli:
Hlolani imibhalo; ngoba nicabanga ukuthi kuyo niyoba nokuphila okungunaphakade: yiyo engifakazelayo. Futhi ngeke nize kimi, ukuze nibe nokuphila(Johane 5:39-40).

21.7.18

2. Yini umehluko phakathi kwamazwi abantu esetshenziswa uNkulunkulu ezinkathini zonke ezihambisana neqiniso namazwi kaNkulunkulu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Iqiniso livela emhlabeni wabantu, kodwa iqiniso kubantu ledluliselwa uKristu. Lisuka kuKristu, okusho ukuthi kuNkulunkulu uqobo, futhi umuntu angelithole.

19.7.18

1. Yini ibandla likaNkulunkulu? Yini inhlangano yezenkolo?

izinsuku zokugcina,Amazwi kaNkulunkulu,Iqiniso


Izikhombo Zamavesi Ebhayibheli:
“Futhi uJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, futhi waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, futhi wagumbuqela amatafula abashintshelana imali, nezihlalo zalabo ababethengisa amajuba, Futhi wathi kubo,Kulotshiwe ukuthi, Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo; kodwa seniyenze yaba umhume wabaphangi” (UMathewu 21:12-13).

12.7.18

3. Kungani iqiniso elichazwa nguNkulunkulu ezinsukwini zokugcina likwazi ukuhlanza umuntu, limphelelise umuntu futhi libe yimpilo yomuntu?

izinsuku zokugcina,Amazwi kaNkulunkulu,Iqiniso,Iqiniso


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza.