Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UMoya oNgcwele. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UMoya oNgcwele. Bonisa konke okuthunyelwe

28.11.18

19. UNkulunkulu akaguquki phakade, ngakho kungani iNkosi uJesu iguqulele igama Layo kuNkulunkulu uSomandla?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Njalo lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, uguqula igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindi umsebenzi Wakhe. UnguNkulunkulu ohlale emusha futhi ongagugi neze. 

8.9.18

35. Kungani iBandla likaNkulunkulu uSomandla lichuma ngokwengeziwe ngesikhathi amabandla eNkathi Yomusa eyincithakalo kangaka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. 

16.8.18

Kumele Niqonde Umsebenzi; Ningalandeli nje Ngokudideka!

Njengamanje baningi abantu abakholwa ngendlela enokudideka. Kuningi enizibuza kona, umuzwa wenu wokuphokophelela izibusiso mkhulu kakhulu, kanti umuzwa wenu wokuphokophelela ukuphila wona muncane kakhulu. 

Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu

Manje sekumele niphokophelele ukuba abantu bakaNkulunkulu, bese niqala ukungena ngokuphelele endleleni eyiyo. Ukuba ngabantu bakaNkulunkulu kusho ukungena eNkathini YoMbuso. Namuhla, niqala ukungena ngokusemthethweni ekuqeqeshelweni umbuso, kanti nezimpilo zenu zekusasa zizoyeka ukuhuduleka njengasekuqaleni; izimpilo ezinjalo angeke zikwazi ukufinyelela emazingeni adingwa uNkulunkulu.

12.8.18

2. Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.

UJehova,uJesu.UNkulunkulu uSomandla,UMoya oNgcwele










         (1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. 

11.8.18

3. Ubudlelwane Phakathi Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu.



















       Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
  Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. 

10.8.18

4. Ingabe izigaba zontathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze abantu basindiswe futhi bapheleliswe?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. 

7.8.18

1. Kungani uNkulunkulu ebizwa ngamagama ahlukene nangezinkathi ezihlukene? Yini ukubaluleka kwamagama kaNkulunkulu?

UJehova,uJesu,UNkulunkulu uSomandla,UMoya oNgcwele









Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona?

27.7.18

4. Ingabe uNkulunkulu weluse futhi wahlinzeka kanjani isintu kuze kube sezinsukwini zamanje?

UJehova,uJesu,UNkulunkulu uSomandla,UMoya oNgcwele

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. 

17.7.18

2. Yingani kuthiwa abefundisi bezenkolo nabadala bonke bahamba umgudu wobuFarisi? Yini umongo wabo?

Moya oNgcwele,UNkulunkulu uSomandla

         Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Futhi waqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso ethi. Umuntu othile watshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude. Futhi ngenkathi efanele wayesethuma inceku kubalimi, ukuba ithathe kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, futhi bayishaya, base beyimukisa ze. Waphinda futhi wathumela kubo enye inceku; futhi yona bayikhanda ngamatshe, futhi bayilimaza ekhanda, futhi bayithuka bayixosha beyiphathe ngokuyihlazo. 

15.7.18

1. Ingabe uNkulunkulu weqiniso owadala izulu nomhlaba nakho konke uyedwa noma muthathu?

UJehova,uJesu,UNkulunkulu uSomandla






  




          Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sibonise uYihlo, futhi kusanele. UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka ngikanye nani, kodwa awukangazi, Filiphu? ongibonile mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sibonise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami: kodwa uBaba ohlezi kimi, wenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi: uma kungenjalo kholwani yimi ngenxa yemisebenzi (UJohane 14:8-11).

8.7.18

1. Yazi inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi wokungamela kukaNkulunkulu isintu.

Imibhalo engezansi, insindiso, UMoya oNgcwele, UNkulunkulu uSomandla

       Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. 

5.7.18

Indlela Yokungena Esimweni Esijwayelekile

Lapho abantu beqhubeka bamukela amazwi kaNkulunkulu, yilapho bekhanyiseleka kakhulu futhi yilapho beqhubeka befuna ulwazi lukaNkulunkulu ngokulambela nokomela ukulunga. Yilabo abemukela amazwi kaNkulunkulu kuphela abakwazi ukwazi izinto ezijulile nezicebile; yibo kuphela abanokuphila okuqhakaza ngisho nakakhulu. 

11.5.18

Mayelana neBhayibheli (3)

        Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi. 

30.4.18

Ibika Ledokhumentari ethi "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Ukuhlola Izimfihlakalo Zempilo


Umlotha Emlotheni, Uthuli Othulini.                         
Akekho onganqoba ukugula nokufa.
Akekho ongaguqula imithetho yokukhula nobuthakathaka.
 …                                 
Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba?

10.3.18

"Indaba kaXiaozhen" (3) - Elahla Abahle Elandela Ababi | Musical Drama



Isingeniso

Kulo mhlaba wezinhliziyo ezimbi lapho imali iyinkosi, ikuphi okwenziwa uXiaozhen owayehlanzekile futhi elungile, ukuze aphile futhi asinde …

"Indaba kaXiaozhen" (1) - Idwala, Iphepha, Izikelo | Musical Drama



Isingeniso

Iqoqo lezingane ezithandekao neziphapheme zazizidlalela nje umdlalo ngenkathi zibuza umbuzo ngaphandle kokucabanga othi, “Isintu sivelaphi?” Uyayazi yini impendulo yalo mbuzo

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: ICEBO LOKUFIHLA UBUFAKAZI (Iziqeshana)



Isingeniso

Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda zonke izindlu zokukhonzela.

8.1.18

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

        ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele.