Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe

15.4.18

12. Ngesikhathi Sesigameko Ngabona Ukuvikela KukaNkulunkulu

UYongxin, Idolobha IYibin,Isifundazwe ISichuan 
Sasingakaze sikholwe kuNkulunkulu ngaphambilini. Ngowezi-2005, siphakanyiswe wuNkulunkulu, umyeni wami, ubabezala, umalume, nami sonke samukela umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Kungekudala, ibandla langihlelela umsebenzi wokugcina izincwadi ziphephile. Kamuva, umuzi wethu waba semlilweni, futhi ngesikhathi salo mlilo semukela ukuvikela kukaNkulunkulu okumangalisayo. UNkulunkulu impela unguMninimandla onke.

20.3.18

Izingxenye Ezine Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Iqiniso Elingaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba”

        1. Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. 

18.3.18

Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu

        Namuhla, sizobe sikhuluma ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho. Kumele nikuqonde konke lokhu.

Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe


 IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

Iyiphi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu? Yiziphi izingxenye ezifakiwe? Ingabe uzimisele ukupheleliswa nguNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukwamukela isahlulelo kanye nokusolwa uNkulunkulu? Yini oyaziyo ngale mibuzo? Uma ungeke ukhulume ngalolu lwazi olunjalo, ngakho lokhu kukhombisa ukuthi awukawazi namanje umsebenzi kaNkulunkulu nokuthi awukakukhanyiseli nhlobo uMoya oNgcwele

17.3.18

Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu


 IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

   Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe – ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi.

13.3.18

Dumisani uNkulunkulu ngoMoya nangeQiniso "Izwi Lenhliziyo Yomuntu Odaliwe"


I
Ngangifuna ukukhala kodwa akukho ndawo eyezwakala ifanele.
Ngangifuna ukucula kodwa akwatholakala culo.
Ngangifuna ukuzwakalisa uthando lomuntu odaliwe.
Ngifuna yonke indawo, kodwa akukho mazwi ayengasho, ayengasho engikuzwayo.
Nkulunkulu ongokoqobo noyiqiniso, uthando oluphakathi enhliziyweni yami.

16.2.18

Khonza Njengoba Kwenza Ama-Israyeli

Kulezi nsuku, abantu abaningi abazinaki izifundo okufanele zifundwe phakathi nokusebenzisana nabanye. Ngithole ukuthi abaningi kini abakwazi nhlobo ukufunda izifundo phakathi nokusebenzisana nabanye. 

14.2.18

Ukudingida Impilo Yasebandleni Nempilo Yangokoqobo

Abantu bacabanga ukuthi bakwazi kuphela ukushintsha uma bengaphakathi ebandleni labo, nokuthi uma bengaphili besebandleni, ukuguquka akwenzeki, bathi abakwazi ukufeza inguquko yeqiniso empilweni yabo abayiphilayo. 

13.2.18

Inkulumo Emfishane Mayelana “Nombuso Weminyaka Eyinkulungwane Osufikile”

Uwubona kanjani umbono woMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Abanye abantu bacabanga kakhulu ngawo, futhi bathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyoba khona iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, ngakho uma amalungu amadala kunamanye ebandleni engashadile, ingabe kufanele ashade?

Inhloso Yokwengamela Umuntu

Uma abantu bengaqonda ngokugcwele indlela elungile yempilo yomuntu kanjalo nenhloso kaNkulunkulu yokulawula umuntu, ngeke baphathe ikusasa labo ngabanye ngabanye kanye nemigomo abayiphokophelele njengomcebo ezinhliziyweni zabo. Ngeke besafisa ukukhonza abazali babo abangcole ngaphezu kwezingulube nezinja. 

9.2.18

Umsebenzi Nokungena (6)

Umsebenzi nokungena kuyizinto ezizuzwa ngokoqobo futhi eziqondiswe emsebenzini kaNkulunkulu nasekungeneni komuntu. Umuntu akabuqondisisi ubuso bukaNkulunkulu bangempela nomsebenzi kaNkulunkulu olethe ubunzima obukhulu ekungeneni kwakhe. 

Umsebenzi Nokungena (4)

Uma umuntu engakwazi ngempela ukungena ngokuvumelana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, ukuphila kwakhe kuyohluma ngokushesha njengamagatsha oqalo ngemva kwemvula yasentwasahlobo. 

8.2.18

Umsebenzi Nokungena (1)

Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi;